Saturday, December 31, 2022

Izinkinga ezincane zdala umonakalo omkhulu!

Njengothi lukamentshisi luyinto encane kabi kodwa ingalishisa lonke ihlathi nje ngolwimi nalo luyisitho esincane emzimbeni esinamandla ayismanga angakwazi ukbulala izwe lonke kuchitheke igazi elimsulwa ngalo belu ulwimi.
Ngalenkulumo yami ngfuna siqaphele kakhulu lezi zinto thina esiyaye sizithathe ngokuthi zincane.. Kungenzeka ukuthi zincane kodwa uma zenziwa ngokphindelela zigcine zingasekho ncane... Namhlanje isizwe sethu sisenkingeni ngenxa yezinto ezinokushiwo sakdlala kanti zifike zithole indawo kulabo ezishiwo kubo ngokomzekelo lesisho esithi indoda ayikhali.. Impela skhule sisizwa lesosisho futhi sikholelwa kusona but akukaze kufike kthina ukuthi sizibuze ukuthi indoda uma kthiwa ayikhali yenzani eskhundleni sokukhala.. Nokuthi futhi indoda yona kanti ayiyena yini yona umuntu? Ubani owathi indoda ubhlungu ayibuzwa yona?

Yabona ke izinkulumo ezinjengalezi ezenza amadoda akhalele ngaphakathi and lokho kukhalela kwawo ngaphakathi kwakha inzondo ekuthi ngelinye ilanga indoda icasukile kuvane kphume bonke lobuhlungu ehlezi ibugodlile enhliziyweni yayo ibukhiphele kulowo osuke eyicasulile ngalesoskhathi.. Akekho ke ongasho ukuthi umuntu ocasukile kmele acasuke kanjan ngoba umuntu nomuntu uzazi yena... Mhlawumbe uma izinkulumo ezifana nalezi zingagwenywa indoda ingenziwa umuntu omubi ngokukhala uma kfanele ikhale..
Enye into futhi sidinga amaclass lapho kuzobe kufundiswa umfana ukuthi kuyini ukuba indoda ngoba eqinisweni siyisizwe sidungaza ebumnyameni.. Labantu abathi bangamadoda uma uthi ubuka izenzo zabo uyabona ukuthi basengabafanyana and futhi bazozala izingane ezifana nabo since bona I direction bengazange babe nayo kunzima ukunikeza abeza emva kwabo I direction kwAyibona besayidinga.
Ayikho into embi nebhlungu eSouth Afrika njengokubona kwanda omama abazikhulisela izingane zabo ngabodwa kwesinye iskhathi lona ozalisile ugcwele izinkalo akazi nokuthi umntwana amlethile emhlabeni ulala edleni.. Ngibhlungu ngaloludaba ngoba nami ngyafana nabo labo baba ekthiwa izahluleki since ngingakwazi ukusaphotha abantwana bami but isizathu sami ukuthi a ngisebenzi otherwise bebengeke baswele indlela ikhona.. Lento ibhlungu yenza ukuthi izingane zikhule nenzondo zikhule zimzonda umuntu weslisa ngoba engabanga I sbonelo esihle ezimpelweni zomabazo.. Ngyafisa sengathi siyisizwe esimnyama singake sizame ukuwuyeka lomkhuba wokjaha ukuba nabantwana izinto zingakahlangani ngoba ingane iyizindleko futhi engathi ingane ingatholakala emshadweni lokho kuwukugwema izinkinga eziningi ezingase zivelele umntwana... Iningi lethu kunzima ukphumelela ngoba sizalelwe emakhaya sangenzelwa futhi nezimbeleko mhlawumbe obaba bethu abahlawulanga manje lento ihamba ibe Inkinga phezu kwempilo yengane uma sekfanele iganwe... Ngyavuma ucansi olungaphephile lumnandi kodwa ngicela sicabangele lengane engenasono ezolethwa la emhlabeni ukuthi izohlupheka.. Ngyazicelela bafwethu ukuthi sikuzame ukwandisa labantu abagcwele uLaka nenzondo. 

No comments:

Post a Comment

please put this on your mind!

BEFORE YOU MAKE THAT DECISION TOMORROW OF VOTING THE ORGANIZATION OF YOUR CHOICE I ALSO WANT YOU TO CONSIDER THIS...KONKE OKUMBI OKZOKWENZEK...